Isimemo:
uNobhala-Jikelele we NUMSA uzokhuluma nonondaba!
29 Mashi 2011
IRVIN JIM, onguNobhala – Jikelele wenyunyana yabasebenzi basembonini yensimbi uzokhuluma nonondaba kusasa ngoLwesithathu 30 Mashi 2011, Bimba Manqabashana House, 22 Pickering Street, Greenacres, eBhayi (Port Elizabeth).
uNobhala-Jikelele uzobe ehambisana nobuholi besifunda kulesisithangami nonondaba mayelana nokuvalelwa kwabasebenzi yinkampani ekhiqiza amathayi ezimoto, iBridgestone – SA (PTY) LTD. Lesisithangami nonondaba sizonika ubuholi benyunyana ithuba lokwazisa mayelana nomgudu inyunyana ezowuthatha ekulwiseni nalesenzo sobuqaba esinziwe yinkampani iBridgestone – SA (PTY) LTD sokuvalela ngaphandle kwamasango abasebenzi.
Lesenzo somqashi sokuvalela ngaphandle abasebenzi siyenyanyisa, futhi sitshengisa ukuthi izingane zezimfambanga (working class) zisahlukunyezwa ezimbonini lapha ekhaya.
Imininingwane imi kanje:
Usuku: Lwesithathu 30 Mashi 2011
Isikhathi: 10h30 ekuseni
Indawo: Bimba Manqabashana House, 22 Pickering Street, Greenacres, eBhayi
Zonke izintatheli ziyamenywa ukuthi zibe khona zizolalela izinqumo ezithathiwe.
Ngemininingwane Xhumana no:
Castro Ntobeko Ngobese – 073 299 1595
Source
Numsa Press Release